Kwaziswa umphakathi ukuthi uMongameli usewuvumile lomthetho olandelayo oshicilelwe lapha ukuze kwaziswe umphakathi wonkana.
amagama adwetshelwe ngomugqa ogqamile akhombisa izichibiyelo emithethweni ekhona.
Ukubhekela ukukhishwa kwemiyalelo emayelana nokuvikeleka odlameni lomndeni kanye nezindaba eziphathelene naloku.
kulokho okulawulwa yilomthetho, ngaleyondlela ke kudluliselwe umbiko wokuthi umbuso uzibophezele ekuqedweni kodlame lwemindeni.
d bahlobene ngokomndeni okungaba ubuhlobo ngokhokho, ngokomshado noma ngokwamukela ngesihle wumndeni kodwa kungekho buhlobo e basathembisene noma babethembisene, bayavakashelana, baqomene noma basemshadweni, bayahlangana ngokocansi; noma f bahlala ndawonye noma babehlala ndawonye.
xxiii "ukuhlukumeza" kusho ukuhlukumeza ngokuphindelela; i xxiv "lomthetho" kubandakanya imithetho.
b uma kunesidingo, ledluliselwe isaziso esiqukethe ulwazi olumayelana nommangali ngolimi olusemthethweni oluqokwe ngummangali; nokuba c uma kunesidingo, lichazele ummangali okuqukethwe yilesi saziso kubandakanya namakhambi angamsiza ngokulandisa kwalo mthetho kanye nelungelo lokufaka icala lobulelesi uma kunokwenzeka.
Iphoyisa lingabopha ngaphandle kwencwadi eligunyazayo noma yimuphi ummangalelwa endaweni lapho okwehlakale khona udlame lomndeni noma lowo elimsola ngokuthi wenze isenzo noma icala eliphathelene nodlame lomndeni kummangali.
noma yimuphi ummangali angasifaka isicelo enkantolo somyalelo wokuvikeleka ngendlela efanele.
a ngosizo olukhona ngokulandisa kwalomthetho; kanye b nelungelo lokumangala, uma icala lobulelesi lenziwe ngummangali.
Naphezu kwezigaba zanoma yimuphi umthetho, noma yimuphi umuntu ongeke akwazi ukuzimela, noma nanoma yimuphi umuntu onamela lowo ongeke akwazi ukuzimela, angasifaka isicelo somyalelo wokuvikelwa yinkantolo ngaphandle kosizo lomzali, umbheki, nanoma yimuphi omunye umuntu onikwe ilungelo lokuthi abheke lowo ongeke akwazi ukuzimela.
isicelo okukhulunywa ngaso esigatshaneni- 1 singafakwa nanoma isiphi isikhathi, usuku okungahlangene nezikhathi zokusebenza kwenkantolo, uma nje inkantolo yenelisekile ukuthi ummangali angathola ukuhlukumezeka uma isicelo leso singasetshenzwanga ngokushesha.
Izitatimende ezifungelwe ezenziwa abantu abanolwazi ngalolo daba zingananyathiselwa kulesi sicelo.
isicelo kanye nezitatimende ezifungelwe kunganikezwa umabhalane wenkantolo, yena oyobe esethatha konke loku akwedlulisele enkantolo.
inkantolo kufanele icubungule isicelo esithunyelwe kuyo ngokushesha uma ingase ikwazi ukukwenza loko ngokulandisa kwesigaba- 4 futhi ingabucubungula ubufakazi obengeziwe baloluhlobo uma ibona kufanele ukuthi ikwenze loko, kubanda kanye nobufakazi obethulwe ngomlomo noma izitatimende ezifungelwe, eziyoba yingxenye yobukazi obuyosetshenziswa ngenkathi sekuqulwa icala enkantolo.
a ummangalelwa ulenzile icala noma uzibandakanye odlameni lomndeni; nokuthi b kungase kube nokuhlukumezeka kommangali ngenxa yodlame lomndeni lwaloluhlobo uma umyalelo wokuvikelwa yinkantolo ungeze wakhishwa ngokushesha, inkantolo kufanele, naphezu kokuthi ummangalelwa engaziswanga ngezinhlelo ezichazwe esigatshaneni -1, ikhiphe umyalelo wesikhashana wokuvikelwa yinkantolo iwubhekise kummangalelwa ngendlela efanele.
a umyalelo wesikhashana wokuvikeleka okhishwe yinkantolo kudingeka ukuba unikezwe ummangalelwa ngendlela efanele bese kubuzwa kummangalelwa ukuthi yiziphi izizathu ezingenza ukuthi lomyalelo okhishwe yinkantolo kungani angeze awunikwa.
b Ikhophi lesicelo okukhulunywa okukhulunywa ngalo esigabeni- 4 1 kanye nobufakazi obuqoshwe ngokulandisa kwesigatshana- kufanele kunikezwe ummangalelwa kuhambisana nomyalelo wesikhashana wokuvikelwa yinkantolo.
uma inkantolo ingawukhiphi imyaelelo wesikhashana wokuvikeleka ngokulandisa kwesigatshana- inkantolo kufanele ilawule umabhalane wenkantolo ukuba athumele kummangalelwa ngendlela efanele amakhophi agunyaziwe alesi sicelo kanye nanoma yibuphi ubufakazi bezitatimende ezifungelwe obeseka lesi sicelo kubandakanya nesaziso esiphoqa ummangalelwa ukuba anikeze izizathu zokuthi kungani engeke athunyelelwa lomyalelo wenkantolo wokuvikela ummangali.
izinsuku sokubuyisa impendulo okukhulunywa ngazo esigatshaneni- 3 a no- 4 akufanele zibe ngaphansi kwezinsuku eziyishumi emva kokuba ummangalelwa enikezwe umyalelo wenkntolo; ngaphandle uma izinsuku zokuphendula okukhulunywa ngazo esigatshaneni -3 a zingalindelwa ngummangalelwa esikhathini esingengaphansi kwamahora angamashumi amabili nane sesaziso esibhalwe phansi yinkantolo ibhalela ummangalelwa.
a icubungule noma yibuphi ubufakazi obutholakale phambilini ngokulandisa kwesigaba- 5 1; nokuthi b icubungule nezinye izitatimende zobufakazi obufungelwe noma obethulwe ngomlomo obuyoba yingxenye yohlelo lokuqulwa kwecala.
a akafanele ukubuza ngqo noma yimuphi umuntu ohlobene naye ngokomndeni; nokuthi b uyobuza ofakazi baloluhlobo ngokuba imibuzo yakhe ayibhekise enkantolo, bese inkantolo imphindela umbuzo.
inkantolo kufanele, ngemva kokulalela icala njengaloku kuchazwe esigatshaneni- 2, ikhiphe umyalelo wokuvikeleka ngendlela efanele uma ithola ukuthi ummangalelwa ulenzile icala nom isenzo sodlame lomndeni.
a aqikelele ukuthi umyalelo waloluhlobo uthunyelwe kummanglelwa; nokuthi b enze ikhophi egunyaziwe yomyalelo waloluhlobo, kanye nencwadi egunyaza ukuboshwa okukhulunywa ngayo esigabeni -8 1 a, okufanele ithunyelwe kummangali.
umabhalane wenkantolo kufanele athumele amakhophi agunyaziwe anoma yimuphi umyalelo wokuvikeleka kanye nencwadi egunyaza ukuboshwa okukhulunywa ngayo esigabeni -8 1 a esiteshini samaphoyisa esiqokwe ngummangali.
ngokulandisa kwesigaba- 7 7, umyalelo wokuvikeleka okhishwe ngokulandisa kwalesi sigaba uhlale usebenza uze ubekwe eceleni, kanti ukusetshenziswa komyalelo waloluhlobo ngeke kuvele kuhoxiswe nje ngokuzwakala kwesicelo sokudluliswa kwecala.
g ekuvimbeni ummangali ohlala noma obehlala naye endlini eyodwa njengaloku kuchazwe endinyaneni -c ekutheni angene noma ahlale endlini abahlala kuyo bobabili noma engxenyeni yekhaya abahlala kulo; noma h ekwenzeni noma yisiphi esinye isenzo njengaloku kubalulwe emyalelweni wokuvikeleka.
a ukwephuca ummangalelwa noma yisiphi isikhali noma isikhali esiyingozi njengaloku kuchazwe esigabeni 9; nokuthi b iphoyisa kufanele liphelezele ummangali endaweni ethile ukumelekelela mayelana nezinhlelo eziphathelene nokuyolanda izimpahla zakhe.
inkantolo ingalawula ukuthi ummangalelwa akhokhele izidingo, kodwa ikwenze loku ngokuthi ibhekele izidingo nemithombo yezimali kammangali nommangalelwa nokuthi umyalelo walolu hlobo unegalelo lesinqumo secala lombango enkantolo kamantshi.
a ikheli lalapho kuhlala khona ummangali kufanele lenqiwe emyalelweni wokuvikeleka, ngaphandle-ke uma lokho okukhulunywa ngakho emyalelweni kuphoqa ukuthi ikheli likammangali libandakanywe.
b inkantolo ingakhipha noma yimuphi umyalelo ukwenza isiqiniseko sokuthi ikheli lalapho kuhlala khona ummangali alidalulwa nganoma iyiphi indlela engafaka engozini impilo yommangali.
a ingenqabela ummangalelwa ukuba abonane naleyongane; noma b ilawule ukubonana kommangalelwa nengane ukuba kube ngaphansi kwemibandela ethile.
i ukukhipha umyalelo wokuvikeleka; noma ii ukuphoqa noma yisiphi isimo, noma ukulawula noma yimuphi umyalelo okungumthwalo wayo ukuba ikwenze loko ngaphansi kwalesi sigaba, ngenxa yokuthi nje inkantolo isebenzisa ukuthi kukhona ezinye izixazululo angazisebenzisa ummangali b Uma inkantolo ibona ukuthi umyalelo wokuvikeleka uqukethe isigatshana esinodaba okufanele luqhutshwe ezingeni elithe xaxa ngenhloso yokuthi kwenziwe ubulungiswa, kubandakanya umthetho wesondlo ka- 1998, inkantolo kufnele ilawule ukuba isigatshana salolo hlobo sisebenze isikhashana njengokulawula kwenkantolo, ukuze kunikwe lowo othintekayo odabeni isikhathi esanele sokuthola usizo olwanele ngokulandisa komthetho walolu hlobo.
a ukugunyazwa kokukhishwa kwencwadi yokubopha ummangalelwa ngendlela efanele nokuba b kumiswe ukusebenza kwencwadi yalolo hlobo uma nje kuhlonishwe isivimbelo, isimo, isibopho noma umyalelo ophoqelelwe ngokulandisa kwesigaba-7.
incwadi okukhulunywa ngayo esigatshaneni -1 a ihlala isebenza ngaphandle kokuba umyalelo wokuvikeleka usususiwe noma usuhoxisiwe emva kokusebenza kwawo.
a isihoxisiwe; noma b ilahlekile noma icekelwe phansi.
a ummangali angedlulisela incwadi egunyaza ukubopha ihambisana nesitatimende esifungelwe ngendlela esemthethweni, lapho kubalulwa khona ukuthi ummangalelwa wephule isivimbelo, isimo, isibopho noma umyalelo oqukethwe emyalelweni wokuvikeleka, kunoma yiliphi ilungu lombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika.
nesiqukethe isitifiketi esisayindwe yiphoyisa ligcwalisa ukuthi nempela lisedlulisele isaziso kummangalelwa nokuthi limchazele ummangalelwa ngokubaluleka kwalesi saziso.
d iphoyisa kufanele lithumele ikhophi yesaziso okukhulunywa ngaso endimeni- c kumabhalane wenkantolo esingethe lolu daba, ukwethulwa kwalekhophi ezithebeni zenkantolo kuyoba wubufakazi obugcwele bokuthi ikhophi okwasuselwa kuyo lekhophi okukhulunywa ngayo manje, yathunyelwa kummangalelwa ogamalakhe lishicilelwe kuyo.
b ubucayi besenzo esihambisana nokwephula umyalelo wokuvikeleka; kanye c nobude besikhathi seloku kwaphulwa lomyalelo.
noma yinini lapho kukhishwa incwadi egunyaza ukubopha idluliselwa ephoyiseni, ngokulandisa kwesigatshana -4 a, iphoyisa lelo kufanele litshele ummangali ngelungelo lakhe lokumangalela ummangalelwa ngecala lobulelesi ngaso leso sikhathi, uma kunokwenzeka, limchazele ukuthi angamangala kanjani.
yokunamathela kommangalelwa odlameni; noma iii wokusebenzisa izidakamizwa noma uphuzo oludakayo.
somthetho wezikhali ongunombolo- 75 ka -1969 futhi inkantolo kufanele iyalele umabhalane wenkantolo ukuba edlulisele ikhophi yobufakazi obuqoshwe phansi kukhomishana kazwelonke wamaphoyisa ukuze akucubungule ngaphansi kwesigaba -11 somthetho wezikhali ka -1969.
i ngokubona kwenkantolo inani laleso sikhali esiyingozi esephuceke lingaphansi kwamakhulu amabili amarandi; noma ii ukubuyiselwa kwesikhali esiyingozi kungalawulwanga esikhathini esiyizinyanga eziyishumi nambili emva kokuba sephucwe ngalolu hlobo; noma iii uma inkantolo yeneliseka ukuthi kwenzeka ngaphansi kwesimo sokubhekela ukuphepha kwanoma wubani othintekayo kulolu daba, inkantolo ingalawula ukuthi isikhali esiyingozi sithathwe wumbuso singabe sisabuyiselwa kumnini waso.
ummangali noma ummangalelwa angakwazi, ngokohlelo lwesaziso esibhalelwe omunye wabo kanye nenkantolo eqondene nalolo daba, ukuthi afake isicelo sokuthi kuguqulwe noma kuhoxiswe umyalelo wokivikeleka okukhulunywa ngawo esigabeni- 6 ngendlela esemthethweni.
uma inkantolo yeneliswa yizizathu ezibekiwe zokucela ukuthi kuguqulwe noma kuhoxiswe umyalelo wokuvikeleka, inkantolo ingabe isiwukhipha umyalelo ohambisana nalesi sicelo: Inkantolo angeke imnike ummangali imvume yalesi sicelo ngaphambi kokuthi isizanelise kahle ukuthi loku ummangali uzenzela yena ngenkululeko akekho omphoqile.
Ukuqulwa kwamacala kanye nokuvinjelwa kokushicilelwa kolwazi oluthile.
a kwezikhulu zenkantolo.
Kuphela nje inkantolo, uma yeneliseka ukuthi kungaba nobulingiswa emthethweni, ingenqabela nanoma ubani ekutheni abekhona ngenkathi kuqulwa icala.
b akukho lutho kulesi sigatshana okunciphisa amandla enkantolo ekutheni isebenzise amandla ayo okuthi ilalele ukuqulwa kwecala kusetshenziswa ikhamera noma isebenzise amandla ayo ukwenqabela nanoma ubani ekutheni abekhona ngenkathi kuqulwa icala.
a Akekho namunye umuntu oyoshicilela nanganoma iyiphi indlela nanoma yiluphi ulwazi obekuxoxwa ngalo olungahle lube nomthelela, ngendlela eqondile noma ngendlela ecashile, ekudaluleni ukuthi bangobani labo abebeyingxenye yokuqulwa kwecala.
b uma inkantolo yenelisekile ukuthi kuzokwenzeka ubulungiswa, ingalawula ukuba noma yiluphi ulwazi olumayelana nokuqulwa kwecala, olugodliwe ngokulandisa kwalomthetho, aluyukushicilelwa ngaphandle kokuba kungekho siqondiso esisebenzayo ngokulandisa kwalesisigatshana mayelana nokushicilelwa kombiko womthetho onesiqiniseko ongadaluli amagama noma ongavezi amagama alabo bantu abamangalelene noma ofakazi balelo cala.
b ummangalelwa ehlala khona, enza khona umsebenzi noma lapho eqashwe khona; noma c lapho isisusa sodaba senzeka khona, inamandla okunika umyalelo wokuvikela njengaloku kushiwo kulomthetho.
akunqunywe sikhathi esifushane esidingekayo mayelana nesigatshana esingu- 1a.
ukuthunyelwa kwezaziso ngokulawula kwalomthetho kufanele kwenziwe ngokulandela uhlelo olusemthethweni ngumabhalane wenkantolo, isikhonzi senkantolo noma yiphoyisa, noma kulandelwe uhlelo olulawulwe yinkantolo.
imithetho okukhulunywa ngayo esigabeni- 19 kufanele ibhekele ukuthi uhulumeni acabangele ummangali noma ummangalelwa ngosizo lwezimali uma bengenawo amandla okubhekana nezindleko ngokulandisa kwalo mthetho.
Ukuthola ummeli noma ngubani oyingxenye yokuqulwa kwecala unelungelo lokummelwa ngummeli ngokulandisa kwalomthetho.
Izindleko inkantolo ingalawula ukuthi omunye walaba abamangalelene athwale izindleko zecala uma yeneliswa ukuthi nguye osephutheni.
Ukudlulisa noma ukubuyekeza icala imiyalelo emayelana nokudluliswa nokubuyekeza icala okukhulunywa ngayo emthethweni wezinkantolo zezimantshi ongunombolo- 32 ka- 1944, kanye nomthetho wenkantolo enkulu ongunombolo- 59 ka- 1959, iyona esetshenziswayo kunoma yikuphi ukuqulwa kwecala ngokulandisa kwalomthetho.
c owehluleka ukuhambisana nomyalelo ngokulandisa kwesigaba -11 2b ; noma d owenza esitatimendeni sobufakazi obufungelwe okukhulunywa ngaso esigabeni -8 4 a, izitatimende ezingelona iqiniso, unecala futhi angase kuthi uma elahlwa yicala kukhulunywa ngalo endimeni a, ahlawuliswe nomaagqunywe ejele isikhathi esingeqile eminyakeni emihlanu noma kokubili, akhokhe inhlawulo aphinde agqunywe ejele.
Ukusetshenziswa komthetho yiziphathimandla ezishushisayo kanye namalungu ombutho wamaphoyisa aseNingimu Afrika.
umqondisi kazwelonke wezokushushiswa komphakathi, okukhulunywa ngaye esigabeni- 10 somthetho weziphathimandla zikazwelonke sokushushisa ka- 1998, ngokubonisana nngqongqoshe wezobulungiswa nangemva kokubonisana nabaqondisi bezokushushiswa komphakathi, kufanele acubungule inqubomgomo yokushushisa kanye nezqondiso zenqubo yodaba, ezimayelana nanoma yiliphi icala eiqubuke emva kwesehlakalo sodlame lwemindeni.
ukhomishana kazwelonke wombutho wamaphoyisa ase ningizimu afrika kufanele akhiphe imiyalelo kazwelonke njengalokhu kuchazwe esigabeni -25 somthetho wamaphoyisa ombutho wase ningizimu afrika, oongunombolo- 68 ka -1995, okufanele amaungu alombutho ahambisane nawo ekqhubeni umsebenzi wawo ngokulandisa kwalo mthetho, nokuthi noma yimiphi imiyalelo ekhishwe ngalolu hlobo, kufanele ishicilelwe kusomqulu kahulumeni.
b umbutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kufanele usebenzise izinyathelo zokuqondisa izigwegwe kunoma yiliphi ilungu lalo mbutho okuthiwa lehluleka ukuhambisana nesibopho okukhulunywa ngaso endimeni a ngaphandle kokuba isigaba esizimele sabaqondisi bezikhalazo belawula ngenye indlela kunoma yiliphi icala.
a umqondisi kazwelonke wokushushiswa komphakathi kufanele athumele ephalamende noma iyiphi inqubomgomo neziqondiso zenqubomgomo ezishicilelwe ngokulandisa kwesigatshana 2 kanjalo futhi nenqubomgomo yokuqala neziqondiso ezishicilelwe ngalolu hlobo kufanele kuthunyelwe ephalamende esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha zokuqala kokusebenza kwalomthetho.
b ukhomishana kazwelonke wamaphoyisa aseNingizimu Afrika kufanele athumele ephalamende noma iyiphi imiyalelo kazwelonke eshicilelwe ngokulandisa kwesigatshana -3 kanjalo nemiyalelo yokuqala, eshicilelwe ngalolu hlobo kufanele ithunyelwe ephalamende esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha zokuqala kokusebenza kwalomthetho.
c isigaba esizimele sabaqondisi bezikhalazo kufanele njalo ezinyangeni eziyisithupha sithumele umbiko ephalamende omayelana nesibalo kanye nemininingwane yezindaba ezibikwe kuso ngokulandisa kwesigatshana- 4 a, bese sisho iziphakamiso ezenziwe mayelana nalezi zindaba.
uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe olwenziwe ngenxa yaloku kanye nezinqumo ezithathwe kulwa macala; kanye iii nezinyathelo ezithathiwe kulandela iziphakamiso ezenziwe isigaba esizimele sabaqondisi bezikhalazo.
b nanoma yiluphi udaba okufanele lusetshenzwe ngokulandisa kwalomthetho; kanye c nanoma yiluphi olunye udaba ungqongqoshe alubona ludingekile noma luphuthuma ekutheni lusetshenzwe ukuze kufezeke izinhloso zalomthetho.
b noma yiluphi udaba okudingeka ukuba lusetshenzwe ngokulandisa kwalomthetho; kanye c nanoma yiluphi-ke olunye udaba ungqongqoshe abona ludingekile futhi luphuthuma ekuthini lusetshenzwe ukuze kufezeke izinhloso zalomthetho.
b ongaholela ekutheni uhulumeni angene ezindlekweni, kufanele wenziwe ngokubonisana nongqongqoshe wezezimali; kanye c ungalawula ukuba noma yimuphi umuntu owephula umyalelo wawo noma owehluleka ukuhambisana nawo, athweswe icala, kuthi uma limlahla abhekane nenhlawulo noma ukugqunywa ejele isikhathi esingeqile enyakeni owodwa.
q osolelwa ukuthi wenze isenzo sodlame lomndeni njengaloku kuchazwe esigabeni 1 somthetho wodlame lomndeni ka-1998 lapho kwenziwe khona icala elithinta udlame.
izigaba -1,2,3,6 nesigaba-7 zomthetho wokuvinjelwa kodlame lomndeni ongunombolo- 45 nombolo- 133 ka-1993, uyahoxiswa.
noma yisiphi isicelo esenziwe, amacala aquliwe noma izivimbelo zenkantolo ezikhishiwe ngokulandisa komthetho ochazwe esigatshaneni-1 kuyothathwa njengokwenziwe kwavunywa ngokulandisa kwalomthetho.
Isihloko esifushane kanye nokuqala ukusebenza lomthetho uyokwaziwa ngelithi umthetho ka-1998 wodlame lomndeni, uqala ukusebenza ngosuku oluyomenyezelwa ngumongameli kusomqulu kahulumeni.
Lesi saziso sichaza amalungelo awo kanye nezinyathelo ongazithatha ekuzivikeleni wean, izingane zakho noma kanye nabanye abantu ohlala nabo ekhaya elilodwa. Uma, emva kokufunda lesisaziso, kunokuthile ongakuqondi, ngiyozama konke okusemandleni ami ukukuchazela okuqukethwe yilesi saziso. Uma mina noma amanye amalungu ombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika engakwazi ukuphendula omunye wemibuzo yakho, emayelana nalesisaziso, ungathinta umabhalane wenkantolo kamantshi ukuze uthole olunye ulwazi oluthe xaxa.
uthole uphahla oludingekayo; noma uthole usizo lezokwelapha.
Ungafaka icala lobulelesi mayelana nalowo muntu owenze isezo sodlame lomndeni, ozobizwa ngokuthi ngummangalelwa, uma isenzo sommangalelwa sicaca ukuthi siyicala lobulelesi esizophenywa ngamaphoyisa.
Ngiyokunikeza ifomu lokufaka isicelo uma ufuna ukufaka isicelo somyalelo walolu hlobo. Akudingekile uze ufake icala lobulelesi ukuze uthole umyalelo wokuvikeleka.
emva kokuba usuthunyelwe kummangalelwa (izindleko zaloku ziyokhokhelwa nguwe ngaphandle uma ungenawo amandla okukhokha); futhi uyosebenza isikhathi esithile esinqunyiwe.
Ngemva kwaleso sikhathi esinqunyiwe inkantolo iyocubungula ukukhipha umyalelo ozoqhuba isikhathi eside.
Ekwenzeni noma yisiphi esinye isenzo esingavunyiwe yinkantolo.
Ungacela inkantolo ukuba ingamtsheli ummangalelwa ikheli lalapho uhlala khona.
iphoqe noma yisiphi esinye isimo esibona sidingekile.
Uma inkantolo isikhiphe umyalelo, kuyokhishwa incwadi egunyaza ukuba kuboshwe ummangalelwa. Loku kusho ukuthi ummangalelwa uyoboshwa uma ehluleke ukuhambisana nanoma yimuphi umyalelo wokuvikeleka nangemva kokuba usunikeze amaphoyisa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe kanye nesitatimende esifungelwe esichaza ukuthi ummangalelwa usephule umyalelo.
ISEXWAYISO: kuyicala elibomvu ukuthi uthi wazi kahle kamhlophe kepha unikeze ulwazi olungamanga ngenkathi ucela isicelo sokuvikeleka noma ngenkathi ufaka icala lobulelesi, uyoshushiswa kanti ungase ulahlwe ngecala.
lizophelezela ummangali limsize ngamalungiselelo amayelana nokulanda izimpahla zommangali njengaloku kuchazwe endimeni 9 ngezansi.
Ngibika ukwephulwa komyalelo wokuvikeleka esiteshini samaphoyisa ----------------------------------------------- shono igama lesitehi samaphoyisa.
a uyakwazi futhi uyakuqonda yini okuqukethwe yilesi sifungo esingenhla?
b Uyaphikisna yini nokwenza isifungo ngokusemthethweni?
c Uyakwamukela yini ukuthi lesi sifungo sakho esisemthethweni siyakubophezela wean kanye nonembeza wakho na?
Lapha ngenza isiqiniseko sokuthi ofake isicelo uyakwemukela ukuthi uyakwazi futhi uyakuqoda konke okuqukethwe yisifungo sakhe asenze phambi kwami. Usayine noma ugingqe isithupha sakhe phambi kwami.
Loku kwenziwe (shono indawo) usuku... unyaka...
Amagama akho aphelele...
Indawo oqokelwe ukuyisingatha...
Ikheli lalapho usebenzela khona...
Ungafaka icala lobulelesi mayelana nalowo muntu owenze isezo sodlame lomndeni, ozobizwa ngokuthi ngummangalelwa, uma isenzo sommangalelwa sicaca ukuthi siyicala lobulelesi esizophenywa ngamaphoyisa.
Ngiyokunikeza ifomu lokufaka isicelo uma ufuna ukufaka isicelo somyalelo walolu hlobo. Akudingekile uze ufake icala lobulelesi ukuze uthole umyalelo wokuvikeleka.
emva kokuba usuthunyelwe kummangalelwa (izindleko zaloku ziyokhokhelwa nguwe ngaphandle uma ungenawo amandla okukhokha); futhi uyosebenza isikhathi esithile esinqunyiwe.
Ngemva kwaleso sikhathi esinqunyiwe inkantolo iyocubungula ukukhipha umyalelo ozoqhuba isikhathi eside.
Ekwenzeni noma yisiphi esinye isenzo esingavunyiwe yinkantolo.
Ungacela inkantolo ukuba ingamtsheli ummangalelwa ikheli lalapho uhlala khona.
ibekele ummangalelwa noma yimuphi omunye umgomo ewubona ubalulekile ukuthi imbekele wona ngokulawulwa yisimo.
Uma inkantolo isikhiphe umyalelo, kuyokhishwa incwadi egunyaza ukuba kuboshwe ummangalelwa. Loku kusho ukuthi ummangalelwa uyoboshwa uma ehluleke ukuhambisana nanoma yimuphi umyalelo wokuvikeleka.
ISEXWAYISO: kuyicala elibomvu ukuthi uqambe amanga ngommangalelwa ngenkathi wenza ubufakazi obufungelwe.
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
UMMANGALI ufake isicelo Somyalelo Wokuvikeleka, ukuba avikelwe kummangalelwa njengaloku kuchaziwe ebufakazini obufungelwe nanjengaloku futhi kunobukazi obuyingxoxo eqoshiwe kammangali (uma kukhona ingxoxo eqoshiwe) obunanyathiselwe obuhambisana nalesi sicelo esicutshungulwe yinkantolo.
angakwenzi loku okulandelayo okuyizenzo zodlame lomnedeni angafuni usizo lomunye umuntu ekutheni amelekelele ekwenzeni izenzo zodlame lomndeni njengaloku kuchaziwe esigabeni -3.1.
Kugunyazwa ukuthi aboshwe ummangalelwa, kodwa kuzolengiswa ukuboshwa kwakhe kuye ngokuthi Ummangalelwa uyayihlonipha yini imiyalelo equkethwe Wumyalelo Wokuvikeleka njengaloku ibhaliwe lapha ngenhla.
Ikhophi yalomyalelo kanye nencwadi egunyaza ukuthi kuboshwe ummangalelwa kufanele kwedluliselwe esiteshini samaphoyisa ase ------------------------------------------------------ (igama lesiteshi samaphoyisa) emva nje kokuba lomyalelo wesikhashana sewedluliselwe ezandleni zikammangalelwa.
Ummangalelwa waziswa ngelungelo lakhe lokuthi avele phambi kweMantshi enkantolo yase --------------------------------------- (imininingwane yenkantolo) usuku (shono ukuthi umhlakabani) okufanele avele ngaso, inyanga okufanele avele ngayo --------------------------- unyaka ---------------- isikhathi: ukugamanxa kwehora lesishiyagalombili ekuseni (8h:30) ukuze azochazela inkantolo ukuba kungani inkantolo ingeze yamphoqa okokucgina ngci ngomyalelo wokuvikela wesikhashana; futhi uyaziswa nangelungelo lakhe lokuthi udaba lwakhe lulalelwe ngosuku olungaqhelile kakhulu emahoreni angamashumi amabili nane emva nje kokuba inkantolo kanye nommangali benikwe isaziso esibhaliwe.
Ummangalelwa uyaziswa futhi ukuthi uma kungenzeka ukuba angaveli enkantolo ngalolu suku kanye nesikhathi njengaloku kubhaliwe lapha ngenhla, futhi inkantolo yeneliswa ukuthi lesi saziso safinyelela kummangalelwa ngendlela efanele futhi yeneliswa ukuthi ummangalelwa wasenza noma uyaqhubeka nokwenza isenzo sodlame lomndeni, ke lomyalelo uyokuba ngosebenzayo futhi ube ngowokugcina ngci.
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
Ngosuku lomhlaka ----------------------------- (imininingwane yosuku) Ummangali wafaka isicelo somyalelo wokuthi avikelwe kuwe. Inkantolo yabe isisicubungula isicelo kodwa ayikawukhiphi lomyalelo wokuvikeleka wesikhashana oqondiswe kuwe, isinqumo sokuthi iwukhiphe noma ingawukhiphi lomyalelo wokuvikeleka wesikhashana, iyosikhipha ngosuku olubhalwe lapha ngezansi.
Lenkantolo ebhalwe lapha ngenhla ikubizela enkantolo ngalolu suku ----------------------------------- ngokugamanxa kwehora lesishiyagalombili ekuseni (8h30) ukuthi uzoyichazela unike izizathu mayelana nokuthi kungani kungafanele ukuba ikukhiphele umyalelo wokuvikeleka (ivikele ummangali kuwe) kulandela isicelo kanye nobufakazi obufungelwe, uma bukhona, okuhambisana namakhophi agunyaziwe nananyathiselwe lapha kulesi sicelo.
Lolu daba, uma unesifiso sokuthi ukwenze loko, lungalalelwa khona maduze nje okungukuthi emva nje kancane kwamahora angamashumi amabili nane inkantolo kanye nommangali benikiwe isaziso mayelana naleso sifiso sakho.
Inkantolo iyokhipha umyalelo wokuthi ummangali avikeleke kuwe uma ungavelanga enkantolo ngalolu suku kanye nangalesi sikhathi njengaloku kushiwo lapha ngenhla, futhi uma inkantolo yeneliswa ukuthi lesi saziso safinyelela kuwe ngendlela efanele futhi yeneliswa ukuthi wena wasenza noma uyaqhubeka nokuthi wenze isenzo sodlame lomndeni.
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
angakwenzi loku okulandelayo okuyizenzo (okuyisenzo)zodlame lomnedeni angafuni usizo lomunye umuntu ekutheni amelekelele ekwenzeni izenzo zodlame lomndeni njengaloku kuchaziwe esigabeni- 3.1.
Kugunyazwa ukuthi aboshwe ummangalelwa, kodwa kuzolengiswa ukuboshwa kwakhe kuye ngokuthi Ummangalelwa uyayihlonipha yini imiyalelo equkethwe Wumyalelo Wokuvikeleka njengaloku ibhaliwe lapha ngenhla.
Ikhophi yalomyalelo kanye nencwadi egunyaza ukuthi kuboshwe ummangalelwa kufanele kwedluliselwe esiteshini samaphoyisa ase ------------------------------------------------------ (igama lesiteshi samaphoyisa) emva nje kokuba lomyalelo wesikhashana sewedluliselwe ezandleni zikammangalelwa.
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
Ngakhoke uyagunyazwa futhi uyayalwa ukuba ubophe Ummangalelwa ngokwemiyalelo yomthetho ka -1998 YoDlame Lomndeni, uma kunobufakazi obugcwele obusolisa ukuthi Ummangali angahle ahlukumezeke ngenxa yokuthi Ummangalelwa wephule umyalelo wokuvikeleka.
Ikhishwe ngaphansi kwesandla sami endaweni yase- -------------------------------- (igama lendawo) ngalolu suku -------------------------- inyanga nonyaka--------------------------------------------------*19/20-------.
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
a uyakwazi futhi uyakuqonda yini okuqukethwe yilesi sifungo esingenhla?
b Uyaphikisna yini nokwenza isifungo ngokusemthethweni?
c Uyakwamukela yini ukuthi lesi sifungo sakho esisemthethweni siyakubophezela wean kanye nonembeza wakho na?
Lapha ngenza isiqiniseko sokuthi ofake isicelo uyakwemukela ukuthi uyakwazi futhi uyakuqoda konke okuqukethwe yisifungo sakhe asenze phambi kwami. Usayine noma ugingqe isithupha sakhe phambi kwami.
Loku kwenziwe (shono indawo) usuku... unyaka...
Amagama akho aphelele...
Indawo oqokelwe ukuyisingatha...
Ikheli lalapho usebenzela khona...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
Ikhophi Yomyalelo Wokuvikeleka (eshoyo ukuthi yimiphi imiyalelo eyayenziwe), kanye nesigunyaso sokubopha esasikhishwe ekuqaleni, konke kunanyathiselwe lapha.
a uyakwazi futhi uyakuqonda yini okuqukethwe yilesi sifungo esingenhla?
b Uyaphikisna yini nokwenza isifungo ngokusemthethweni?
c Uyakwamukela yini ukuthi lesi sifungo sakho esisemthethweni siyakubophezela wena kanye nonembeza wakho na?
Lapha ngenza isiqiniseko sokuthi ofake isicelo uyakwemukela ukuthi uyakwazi futhi uyakuqeda konke okuqukethwe yisifungo sakhe asenze phambi kwami. Usayine noma ugingqe isithupha sakhe phambi kwami.
Loku kwenziwe (shono indawo) usuku... unyaka...
Amagama akho aphelele...
Indawo oqokelwe ukuyisingatha...
Ikheli lalapho usebenzela khona...
Qaphela: uyacelwa ukuba uvezele umabhalane wenkantolo lesi saziso ngosuku lwecala ngokwehluleka kwakho ukuvela enkantolo mhla wosuku lwecala njengaloku wazisiwe, ungazithola ubekwa icala bese ujeziswa ngenhlawulo noma ugqunywe ejele isikhathi esingeqile ezinyangeni eziyisithupha.
Mina ------------------------------------------------- (isikhundla sakho namagama akho), ngokwegunya lami njengelungu lombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika, ngiyafakaza lapha ukuthi Ummangalelwa obhalwe lapha, ngimnikile lesi saziso esiyisonasona (esingungqo) kulendawo engimthole kuyo -------------------------------(shono igama lendawo lapho umnikele khona lesi saziso) ngalolu suku -----------------------------------------------(shono umuhla wosuku) futhi ngimchazele konke okuqukethwe yilesi saziso Ummangalelwa.
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
a uyakwazi futhi uyakuqonda yini okuqukethwe yilesi sifungo esingenhla?
b Uyaphikisana yini nokwenza isifungo ngokusemthethweni?
c Uyakwamukela yini ukuthi lesi sifungo sakho esisemthethweni siyakubophezela wean kanye nonembeza wakho na?
Lapha ngenza isiqiniseko sokuthi ofake isicelo uyakwemukela ukuthi uyakwazi futhi uyakuqoda konke okuqukethwe yisifungo sakhe asenze phambi kwami. Usayine noma ugingqe isithupha sakhe phambi kwami.
Loku kwenziwe (shono indawo) usuku... unyaka...
Amagama akho aphelele...
Indawo oqokelwe ukuyisingatha...
Ikheli lalapho usebenzela khona...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa:...
Inombolo kamazisi/usuku lokuzalwa...
Ikhishwe ngalolusuku -------------------------- inyanga nonyaka--------------------------------------------------*19/20-------.
